Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Babenqunu bobabili, umuntu nomkakhe, bengenamahloni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:25
15 Referans Kwoze  

Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.


Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”


Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Ubuze bakho buyakwambulwa, yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala; ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.


Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.


Usuyakuzikhumbula izindlela zakho, ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane, ngikunike wona abe ngamadodakazi, kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.


“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze.


UMose wababona abantu ukuthi babedlubulundile; ngokuba u-Aroni wayebakhululile baze bahlekwa yizitha zabo;


Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.


Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.


Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ngiyakubiza; mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite