Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nebandla lakho lonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:1
34 Referans Kwoze  

Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ”


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona.


Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


UHiramu wathi futhi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.


Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: “Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.


Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


“Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.


Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.


Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


“Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:


Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite