Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Bathi: “Suka lapha lesi sifiki! Usuzosishayela imithetho! Sesizohlupha wena-ke kakhulu kunawo.” Ayesemdudula uLothi aze acishe awufohloza umnyango.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bathi: “Suka.” Baphinda bathi: Lo ungene ukugogobala, uyakuba ngumahluleli; manje sizokuphatha kabi kunabo. Bayicindezela indoda, uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:9
21 Referans Kwoze  

Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?” UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”


U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.


“Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe;’ banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula, nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.


Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.


Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.


Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”


UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”


UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.


Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.”


“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite