Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bammemeza uLothi bethi: “Akuphi lawa madoda angenise kuleyo ndlu namuhla na? Akhiphele lapha phandle siwalale.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na?” Zikhiphele kithi, ukuze sizazi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:5
23 Referans Kwoze  

Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.


“ ‘Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.


nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,


Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,


ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali, besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.


“ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.


nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa;


noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa –


ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe.


“Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.


Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise u-Asa wayixosha ezweni.


Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami; ngase ngibasusa njengokubona kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite