Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:3
18 Referans Kwoze  

Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini; washesha walibulala; wathatha impuphu, wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo ngayo,


UGideyoni wangena, walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e-efa* lempuphu; wayibeka inyama eqomeni, wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki,* wakunikela.


Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.


Ngenhlama abaphuma nayo eGibithe benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe, lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.


Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;


Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.


“Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.


Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.


ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni.


Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo, wamcindezela ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.


Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.


Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.


wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.” Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”


Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”


Wabenzela idili, badla, baphuza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite