Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.” Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Sheshani, nibalekele khona; ngoba mina ngingenze lutho uze ufike kukho. Ngalokho igama lomuzi lathiwa iZowari.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:22
15 Referans Kwoze  

ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.


baphaka impi noBera inkosi yaseSodoma, noBirisha inkosi yaseGomora, noShinabe inkosi yase-Adima, noShemebere inkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari.


ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’


Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede, ngikwenze ube yisizwe esikhulu.”


ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,


uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.


Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa.


“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni, bese kuthiwa: ‘Malingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo,’ kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.


Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.


neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite