Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Esebakhiphele phandle wathi: “Balekani ukuphila kwenu; ungabheki emva kwakho, ungahlali ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:17
21 Referans Kwoze  

Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”


Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.


Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Balekani, nisindise ukuphila kwenu, nibe njengesihlahla esiyize ehlane.


Esezwile lokho wasuka, wahamba ukuba asinde, waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.


ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?


USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.”


Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.


Kepha uLoti wathi kuwo: “Nkosi, makungabi njalo.


ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.


Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.”


Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.


Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite