Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi sekusile, izingelosi zamphuthumisa uLoti, zathi: “Vuka, uthathe umkakho namadodakazi akho omabili akhona; funa nibhubhe ngobubi bomuzi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:15
11 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –


Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*


Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”


Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.


Esalibala, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili, uJehova enomusa kuye; amphumisa, ambeka ngaphandle komuzi.


Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite