Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:14
26 Referans Kwoze  

“Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”


“Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


“Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe, ninganqunywa ngokona kwalo, ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova, uyakuliphindisela.


Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.”


Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.


Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”


Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: ‘Asithi uyalinganisa ngezaga na?’ ”


Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


Ngalokho ningadeleli, funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawoti ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.


Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.


Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.


Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.


Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*


Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”


Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”


Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,


kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite