Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba siyakuyichitha le ndawo, ngokuba isikhalo ngabo sesisikhulu phambi kukaJehova; uJehova wasithuma ukuba silichithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:13
21 Referans Kwoze  

UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kuleli zwe ukuba ngilichithe, na? UJehova wathi kimi: “Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.” ’ ”


Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.


Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.


Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


“Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


“Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite