Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Amadoda ayesendlini ambuza uLothi athi: “Uhlala nobani kuleli khaya na? Khipha amadodana akho, nabakhwenyana bakwakho, namadodakazi, nabo bonke ohlala nabo niphume kulo muzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ayesethi amadoda kuLoti: “Usenabakhwenyana, namadodana, namadodakazi, nakho konke onakho emzini, bakhiphe kule ndawo na?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:12
13 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,


noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa –


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.”


Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*


Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.


Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.


ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”


“Phumani phakathi kwalo, bantu bami, nizikhulule, kube yilowo nalowo ekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite