Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJehova wathi: “Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 USimakade wathi: “Uma ngithola abangama-50 abalungileyo emzini waseSodoma, ngiyakuyiyeka indawo ngingayibhubhisi ngenxa yabo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Yathi iNkosi: “Uma eSodoma ngifumana abalungileyo abangamashumi ayisihlanu emzini, ngiyakuhawukela yonke indawo ngenxa yabo.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:26
8 Referans Kwoze  

“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.


“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni, bese kuthiwa: ‘Malingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo,’ kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.


Ngalolo suku u-Israyeli uyakuba ngowesithathu kanye neGibithe ne-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba,


Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli, bengangesihlabathi solwandle, kuyakubuya phakathi kwabo insali nje; ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


UJehova wathi: “Ngingamfihlela u-Abrahama lokho engizakukwenza na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite