Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:2
23 Referans Kwoze  

Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.


Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,


Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.


U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti,


Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”


UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe.


Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.


UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye.


Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.


Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.


Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”


anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,


hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.


Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.


U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:


wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.


U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.


U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.


UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.


UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite