Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 U-Abhrahama noSara base bebadala, iminyaka yabo isihambile kakhulu, uSara engasakwazi ukuthola abantwana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Abrahama noSara base bebadala, sebekhulile; kwase kunqamuka ukuba kuSara njengabesifazane.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:11
14 Referans Kwoze  

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”


ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.


Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba.


UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.”


Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba; bobabili base bekhulile.


“ ‘Uma owesifazane ecucuza, ukucucuza kwakhe kube yigazi, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.


Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.


U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.


Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”


U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.


USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho.


UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite