Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wabonakala ku-Abhrahama ngasezihlahleni ezinkulu zemi-okhi eMamre, ezihlalele emnyango wethende lakhe, lishisa bhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi yabonakala kuye emathafeni aseMamre, yahlala ngasemnyango wetende ekushiseni kwemini;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:1
17 Referans Kwoze  

Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.


Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,


UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona,


Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,


Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”


UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, abayikukholwa yimi, bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘UJehova akabonakalanga kuwe.’ ”


Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.


U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.


UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.


Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite