Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Igama lakho alisayukuba ngu-Abhrama, kepha selizokuba ngu-Abhrahama, ngokuba ngikwenze uyise wezizwe eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho liyakuba ngu-Abrahama; ngoba ngikwenze uyise wezizwe ezinengi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 17:5
16 Referans Kwoze  

“Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama;


UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.


njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngikumisile ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona,


Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi uPhashuri kepha uMagori Misabibi.*


Wamyisa kuJesu; uJesu wambheka wathi: “Wena unguSimoni kaJona; uzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okuhunyushwa ngokuthi uPetru.


Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.


Niyakulishiya igama lenu libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama,


Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.


Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.


UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho linguJakobe, igama lakho alisayikuthiwa uJakobe; igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,” wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.


UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona.


no-Abrama ongu-Abrahama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite