Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 17:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 U-Abhrahama wayesehlanganise iminyaka engama-99 mhla esokwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 17:24
8 Referans Kwoze  

Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,


U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.


Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.


Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.


U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite