Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane ngasemthonjeni osendleleni eya eSuri.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:7
13 Referans Kwoze  

UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.


Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.


UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe.


Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’


Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,


Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: “Abrahama, Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.


Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.”


UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.


UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.


Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo, kepha isihlahla asiphelanga nokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite