Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 U-Abhrama walala noHagari, wayesekhulelwa. Kwathi angazibona ukuthi usekhulelwe uHagari, waqala ukubukela phansi uSarayi inkosikazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wangena kuHagari, wakhulelwa; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:4
11 Referans Kwoze  

naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso, nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.


Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.


Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.


USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”


Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.


USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa.


Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite