Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kuthe lapho u-Abhrama esehlale iminyaka elishumi eKhanani, uSarayi umkakhe wathatha incekukazi yakhe uHagari, umGibhithe, wayinika umyeni wakhe ukuba ibe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 USarayi umka-Abrama wathatha uHagari incekukazi yakhe umGibhithe, emva kokuba u-Abrama esehlale iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani, wamnika u-Abrama indoda yakhe ukuba abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:3
15 Referans Kwoze  

USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”


Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.


ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.


Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.


waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo.


Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.


Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.


U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.


Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite