Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 USarayi wathi ku-Abhrama: “Bheka, uSimakade ungivale inzalo. Hamba ulale nencekukazi yami, mhlawumbe ingase ingivusele umuzi.” U-Abhrama walilalela izwi lomkakhe uSarayi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka, uJehova ungivalile ukuba ngizale; Ngena encekukazini yami; mhlawumbe ngingathola abantwana naye. U-Abrama walilalela izwi likaSarayi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:2
16 Referans Kwoze  

Uma inkosi yaso isinika umfazi, yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe, sona siphume sodwa.


Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.


Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;


UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.


U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.


Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.


Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”


U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”


Wayesethi uRaheli: “UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.


Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.


USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite