Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Uyakuba yindoda ewumdlwembe njengembongolo yasendle, amelane nabo bonke abantu, nabantu bonke bamelane naye, futhi uyoba nochuku ngisho nasezihlotsheni zakhe zonke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uyakuba ngumuntu wasendle; isandla sakhe siyakuba phezu kwawo wonke umuntu, nesandla sawo wonke sibe phezu kwakhe; futhi uyakuhlala phambi kwabo bonke abafowabo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:12
7 Referans Kwoze  

Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.


UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.


Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.


Uyakuphila ngenkemba yakho, umkhonze umfowenu; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.”


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Bheka, njengezimbongolo ehlane bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla; ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite