Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Yaqhubeka yathi: “Ngiyozandisa izizukulwane zakho zibe ziningi kangangokuthi azinakubalwa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ingilosi yeNkosi yasisithi kuye: Ngizakwandisa kakhulu inzalo yakho, ukuze ingabalwa ngobunengi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:10
25 Referans Kwoze  

Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.


Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.”


Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.


Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi yakho, uzithobise phansi kwesandla sayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite