Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Izwi likaSimakade lezwakala kuye lithi: “Le ndoda kayisoze yaba yindlalifa yakho, indlalifa yakho kuzokuba yindodana ephuma okhalo lwakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi bheka, izwi leNkosi lafika kuye, lathi: Lo akayikuba yindlalifa yakho; kodwa oyakuphuma ezibilinini zakho uyakuba yindlalifa yakho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:4
8 Referans Kwoze  

Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”


Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.


Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.


UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.


UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.


engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite