Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wayesethi u-Abrama: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, ozelwe endlini yami uyakuba yindlalifa yami.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:3
10 Referans Kwoze  

Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.


Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni iyakuba yindodana ekugcineni.


Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema.


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso, nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.


Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.


Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite