Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:18
58 Referans Kwoze  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.


ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.


wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe.


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”


Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,”


wadlula waya e-Asimoni, waya emfuleni waseGibithe; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.


“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”


akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.”


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.


“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?


Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.


Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana.


lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.”


Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”


“Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani, njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona,


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukwethembisa kwakhe, uze uthi: ‘Ngiyakudla inyama,’ lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama, ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho.


“Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,


USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.


Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli,


Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.


ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.’ ”


kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi,


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.


avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


wabanika leli zwe, njengalokho afunga koyise ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite