Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kwathi selishona ilanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, wehlelwa yingebhe yobumnyama obukhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:12
10 Referans Kwoze  

UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.


Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,


UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke, lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.


Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.


Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha.


Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite