Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:7
19 Referans Kwoze  

Kwafika abanye, bamtshela uJehoshafati, bathi: “Kusondela kuwe isixuku esikhulu sivela phesheya kolwandle e-Aramu; bheka, sebeseHasasoni Thamari eliyi-Eni Gedi.”


U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.


Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi;* bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.


neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.


Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.


“Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.


Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi: “U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”


Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.


Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.


Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.”


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada.


UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.


Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.


“Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite