Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bonke laba bahlangana esiGodini saseSidimi esiluLwandle Lukasawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Wonke lawo makhosi ahlanganisela amabutho awo esigodini iSidimu, okuwuLwandle Lukasawoti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bonke laba babuthana esigodini saseSidimi esiwuLwandle Lukasawoti.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:3
9 Referans Kwoze  

ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko.


ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.


umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”


Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.


Iminyaka eyishumi nambili bamkhonza uKedorlawomere, kepha ngomnyaka weshumi nantathu bahlubuka.


Yaphuma inkosi yaseSodoma, nenkosi yaseGomora, nenkosi yase-Adima, nenkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari; bahloma, balwa nabo esiGodini saseSidimi.


IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite