Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:19
27 Referans Kwoze  

Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.


Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.”


Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na?


Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.


Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.


UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.


UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.


ungilungisele isilovela engisithandayo, usilethe kimi ukuba ngidle, umphefumulo wami ukubusise ngingakafi.”


Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.


Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.


Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,


USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”


“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.


Manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite