Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Isigodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume; amakhosi aseSodoma naseGomora abaleka, awela khona; labo abaseleyo babalekela entabeni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:10
12 Referans Kwoze  

Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”


ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.


“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini, okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo, phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.


Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe, ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo.


ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba womhlabathi.


Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwa-Israyeli babuyela e-Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.


Bonke laba bahlangana esiGodini saseSidimi esiluLwandle Lukasawoti.


Balwa noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, no-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu.


Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.


Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma, yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.


Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite