Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:16
38 Referans Kwoze  

Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.”


Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”


Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”


Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.


UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke u-Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.


OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.


Kwathi nxa abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani benyuka nama-Amaleki nabasempumalanga, bakhuphukela kubo,


uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”


U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.


Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.


Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”


Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.


Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”


Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.


Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u-Esawu umfowabo isipho:


Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu, abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite