Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wathi ku-Abrama, uLoti esehlukene naye: “Phakamisa manje amehlo akho ubuke, usendaweni lapho umi khona, ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kwathi lapho uLothi esehambile, uSimakade wakhuluma ku-Abhrama wathi: “Manje phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke lapho ukhona: enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 INkosi yasisithi kuAbrama, emva kokuthi uLothi esehlukene laye: Phakamisa amehlo akho, ukhangele ukulapho okhona, enyakatho laseningizimu, lempumalanga, lentshonalanga.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:14
6 Referans Kwoze  

Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone: bonke bayabuthana, bafika kuwe. Kuphila kwami,” usho uJehova, “impela uyakubembatha bonke njengemvunulo, uzibhince ngabo njengomakoti.


Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.


“Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone; babuthana bonke, beza kuwe; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.


Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.


UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite