Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ithafa lonke laseJordani ukuthi lalinamanzi amaningi yonke indawo, ngaphambi kokuba uJehova abhubhise iSodoma neGomora, njengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibhithe, njengoba ufika eSowari.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:10
26 Referans Kwoze  

neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.


Yaphuma inkosi yaseSodoma, nenkosi yaseGomora, nenkosi yase-Adima, nenkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari; bahloma, balwa nabo esiGodini saseSidimi.


Phambi kwabo kuyadla umlilo, nasemva kwabo kushisa ilangabi; izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene, nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo, akukho okubabalekelayo.


baphaka impi noBera inkosi yaseSodoma, noBirisha inkosi yaseGomora, noShinabe inkosi yase-Adima, noShemebere inkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari.


Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho, isardiyu,* netopazi,* nedayimani,* neshohamu,* nejaspi,* nesafire,* nesimaragidu,* nekrisolithe;* nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.


Inkosi yazibumba ethafeni laseJordani emhlabathini webumba phakathi kweSukoti neSaretani.


Imisedari* yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha, imisayipuresi* yayingafani nezingatsha zawo, nemipelatani* yayingenjengamagatsha awo, futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.


“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.


Lezi ziyizizukulwane zikaThera. UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.


Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”


ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.


izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”


Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki; uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.


Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.


“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.


Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo, imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkulu yaze yaba nomhawu.


“Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa-Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo, luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite