Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:8
33 Referans Kwoze  

Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aya, naseBethele nasemizaneni yalo,


Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.


U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.


indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;


Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”


neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,


Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.


UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.


UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.


sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”


Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.


Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,


Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.


Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.


UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela, bahlala phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga kwase-Ayi; uJoshuwa walala lobo busuku phakathi kwabantu.


Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.


kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,


ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi.


Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.*


Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli i-altare entabeni yase-Ebali,


sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, liyi-altare elikhulu ukubonakala kwalo.


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite