Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Abrama wadabula izwe waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini laseMore. AmaKhanani ayekhona ezweni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:6
20 Referans Kwoze  

Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki* aseMore na?


Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.


UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.


Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.


Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.


Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.


URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.


U-Abimeleki indodana kaJerubali* waya kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:


Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.


Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.


UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.


UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani, evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.


UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli.


UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.


UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite