Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wathatha umkakhe uSarayi, noLothi indodana yomfowabo, nayo yonke impahla ababenayo, nezinceku ababezitholile eHarana, babhekisa amabombo eKhanani. Sebefikile eKhanani,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti, indodana yomfowabo, nempahla yabo yonke ababeyiqoqile, nemiphefumulo ababeyifumene eHarana; basebesuka ukuya elizweni leKhanani; bafika ezweni laseKhanani.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:5
13 Referans Kwoze  

Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.


UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.


“Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje.


Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”


Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.


Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.


Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.


UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.


U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.


Kepha uma umpristi ethenga umuntu eyintengo yemali yakhe, yena angakudla; nabazelwe emzini wakhe bangadla isinkwa sakhe.


Lezi ziyizizukulwane zikaThera. UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite