Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:3
27 Referans Kwoze  

Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”


nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”


Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”


Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.


U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.


Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,


Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.


Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.”


lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.


Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”


Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,


“Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’


Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.


sokuthi awuyikusenzela okubi, njengokuba singakuthintanga, sikwenzele okuhle kodwa, sakumukisa ngokuthula; wena usubusiswe nguJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite