Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Wamncenga u-Abrama ngenxa yakhe, waba nezimvu, nezinkomo, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolo zakhe, namakamela.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:16
13 Referans Kwoze  

U-Abimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.


U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.’ ”


Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,


Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.


USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite