Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamncoma kuFaro, wayeselethwa esigodlweni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamdumisa phambi kukaFaro, owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:15
18 Referans Kwoze  

U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Bamemeza khona, bathi: ‘UFaro inkosi yaseGibithe ungumsindo, udlulisile isikhathi esimisiweyo.’


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.


Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.


Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.


Manje bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.


USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.


UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni.


Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.


Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.


UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.


kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke,


Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.


Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite