Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 11:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ake sehle lapho, siphambanise ulimi lwabo, ukuze bangezwani inkulumo yomunye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 11:7
20 Referans Kwoze  

UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo, ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.


UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na?


Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; “yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.


Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”


Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa, ngokuba kwakukhona ihumusha phakathi kwabo.


UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.


Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.


UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”


Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.


Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.


UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?


Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite