Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 11:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka, noyise kaIska.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 11:29
7 Referans Kwoze  

Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku-Abrahama ukuthi: “Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:


UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.


Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.


Futhi impela ungudadewethu, indodakazi kababa, kepha akasiyo indodakazi kamame, waba ngumkami.


uBetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.


Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.


Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite