Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngalokhu iziqhingi zabeZizwe zahlukaniselwa amazwe abo; yilowo nalowo ngokolimi lwakhe, ngemindeni yabo, ngokwezizwe zabo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 10:5
26 Referans Kwoze  

UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone, nithume eKedari, niqonde kahle, nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?


nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;


Akayikudangala, aphele amandla, aze amise ukwahlulela emhlabeni; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”


Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.


Iziqhingi ziyangihlalela, imikhumbi yaseTharishishi kuqala, ukuletha amadodana akho evela kude, enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.


Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.


Ukulunga kwami kuseduze, insindiso yami iphumile, izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami.


Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uJehova ungibizile kwasekuzalweni, waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.


Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela; isondele, isifikile.


Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.


Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga, nasogwini lolwandle igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.


Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi.


Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.


“Isho kanje iNkosi uJehova kulo iTire, ithi: Ngomdumo wokuwa kwakho, lapho abagwaziweyo bebubula nabafayo bebulawa phakathi kwakho, iziqhingi ziyakuzamazama.


Manje iziqhingi ziyakuzamazama ngosuku lokuwa kwakho; iziqhingi ezisolwandle ziyakuphela amandla ngokumuka kwakho.


Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.


Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.


Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.


Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.


Inkosi u-Ahashiveroshi yathelisa izwe neziqhingi zolwandle.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite