Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UNkulunkulu wathi: Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi mawuhlukanise amanzi nomkhathi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:6
23 Referans Kwoze  

Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?


“Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona.


Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.


UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.”


Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.


Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla.


Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.


Uma amafu egcwele imvula, ayayithulula emhlabeni; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho.


UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, umi ngezwi likaNkulunkulu,


Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,


Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite