Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba sebusuku, kwaba ngukusa. Kwakuwusuku lokuqala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:5
16 Referans Kwoze  

Usuku ngolwakho, nobusuku ngobakho; nguwena owenza ukukhanya nelanga.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.


ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;


Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.


Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”


Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho,


Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.


UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.


UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.


Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu.


Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine.


Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu.


Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite