Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:3
22 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.


Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.


Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.


Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.


Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona.


Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.


Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


“Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,


yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.


Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye; uyasibekela ubuphansi bolwandle.


Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.”


Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe.


Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite