Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:29
22 Referans Kwoze  

Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.


Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.


UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho,


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.


yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.


obenzela abacindezelweyo ukwahlulela, obapha abalambileyo ukudla; uJehova uyakhulula iziboshwa.


Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.


benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite