Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo: izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo; futhi kwenzeka kanje.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:24
15 Referans Kwoze  

“Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe; uyadla utshani njengenkabi.


Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile.


Zonke izilwane, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini.


nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,


“Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo,


bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko.


Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.


Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle; amawa ayisiphephelo sezimbila.


“Nguwe onika ihhashi amandla alo, wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?


“Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?


“Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?


Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu.


UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite