Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha uSimakade uzohlukanisa phakathi kwemfuyo yabakwa-Israyeli nemfuyo yabaseGibhithe, ukuze kungafi lutho olungolwabantu bakwa-Israyeli.” ’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, akuyikufa lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 9:4
10 Referans Kwoze  

“ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.


Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.


UJehova wanquma isikhathi, wathi: “Kusasa uJehova uzakwenza lokhu ezweni.”


Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.


Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite