Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bhekani, isandla sikaJehova siphezu kwezinkomo zenu ezisendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu; kuyoba khona isifo esiwumshayabhuqe esinzima kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 9:3
9 Referans Kwoze  

Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.


Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.


Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.”


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”


Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite